1 NGINEZONO eziningi,
Ezihluph'umoya wam';
Ngiyadinga uMkhululi
Akhulul'umoya wam':
Wena Jesu,
Wena unguMsizi wam'.
2 Wangithanda mina moni,
Wazifel'izono zam'.
Uwe ongihlwulele,
Kusindis' umoya wam';
Wena Jesu,
Wena unguMsizi wam'.
3 Ukulunga anginakho,
Unobub' umoya wam';
Thuma uMlungisi wakho,
Alungis'umoya wam'
Wena Jesu,
Wena unguMsizi wam'.
4 Ngiyaduka endleleni,
Ngingaholw' iNkosi yam';
Izwi lakho ngilibambe,
Liwuvus'umoya wam';
Wena Jesu,
Wena nguMsizi wam'.
5 Ngoshonake masinyane,
Uyesab'umoya wam';
Yiba-nami ,ngibe-nawe,
Khona ekufeni kwam';
Wena Jesu,
Wena unguMsizi wam'.


