Landa indaba endala
Vombuso Ophezulu,
NgoJesu nobukosi,
Nothando olukulu.
Landa indaba kahle,
Nginjengomntwan' omncane,
Umoya udangele,
Namandla aphelile.
Refrain: – Landa indaba endala,
Landa indaba endala,
Landa indaba endala,
Ngo Jesu nothando.
2 Landa kancane,ngitsfaele
Ukuzengiyamkele,
Le ndaba yemphiliso;
Kokub' i insindiso.
Landa indaba njalo,
Ngikhohlwa masinyane;
Bhek' amazol' okusa
Se edlulil' emini. – Refrain
3 Landa indaba kahle,
Qinisa ngeqiniso,
Imina lowo moni
UJesu amzelayo.
Landa le ndab' emnandi,
Uma impel' uthanda
Ube oduduzayo,
Laphongihluphekayo. – Refrain
4 Landa indaba yona,
Uma ubon' ukuti
Izinto za lo mhlaba
Zingenza impumpute.
Uma lelo zw' elihle
Sengifa ngo li bona,
Yi land' indaba yona
Ngo Jesu, uMsindisi. – Refrain
