Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (7 rating, 2 votes)
Loading...

UJehova WaBaDala

1 UJehova Wabadala
Labo bantu bokuqala,
Wenz' umlisa nay' intombi,
Bobabili banvamanye.

2 Lab' abantu abakiti
Be mi khona phambi kwethu;
baya vumelana, bathi,
Namhla bayashada bona.

3 ubasize, Menzi wabo!
baqinise izwi labo;
bathandane, basizane,
banga buyi bahlukane.

4 Ma bathem' iNkosi njalo,
Yona i ze i basize;
I busis' ikhaya labo
Nokuhlala konke kwabo.

UJehova WaBaDala