YIZWANI, nginitshele
NgoThixo,nobubele,
Nokusithanda kwakhe
Ngay' iNdodana yakhe.
Sazalwa ezonweni,
Sabanjwa ekufeni,
Kwabekungekh' umuntu
Ukusindis' abantu.
2 UThixo wasibona
Sihlezi sinokona;
Wabanosizi ngathi,
Wasiphuthuma futhi.
Wathuma uMntanakhe
Kithina 'zitha zakhe
Ez'ukusisindisa.
Wez'ukusisindisa.
3 UJesu wasifela,
Emthini olihlazo;
Wathath' ubuntu bethu
Nas' isikhundla sethu,
Kungamanxeba akhe
Nangemivimbo yakhe
Abantu babusiswa
Aboni basindiswa.
