1 BONGANINI-BO Mazulu
Nezidalwa zenu,
Langa,nawe wena nyanga,
Mubongen'uJehova.
Bong 'iNkos' ekhulumile
Kwadaleka konke,
Nemithetho ayenzayo
lniqondisa nonke.
2 Bong' iNkosi yobukhosi,
lnqobil' ukhona;
Luph' udosi lwakho, Kufa?
lsinqobisile nya.
Bong' iNkosi yosindiso,
Niyitus' amandla,
Zulu, mhlaba, nakho konke,
Niyidumise Yona.
