Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Obaba Bethu, Nkosi

1 OBABA bethu,Nkosi,
Basizwa nguwe;
Sithemba kuwe nathi,
Usivikele.

2 Ziningi izivungu,
Zisisongela;
Wosiphephisa kuzo
Ngengalo yakho.

3 Wasitha abangcwele,
Bacasha ngawe;
Sebekhosel'ekhaya
Sisithe nathi.

4 Kungakadalw' umhlaba,
O Simakade
Unguy' uNkulunkulu,
Ngenkathi yonke.

5 Im' nyaka yaphakade
Ifana kuwe
Nemini yayizolo
Sekusa futhi.

6 Kudlula isikhathi
Sinjengomfuula,
Sibakhukhul' abantu,
Bakhohlakale.

7 Obaba bethu, Nkosi,
Basizwa nguwe,
Usivikele nathi.
Siyis' ekhaya.

Obaba Bethu, Nkosi