1 YONKE into enhle
Isenzo sakho, Nkos',
Nezimangalisa
Zenziwa nguwe,Nkos'.
2 Imbal' eqhakazayo,
Inyon'ehlabelela.
Nguwen' owenz'im' bala
Namaphikwana azo.
3 Intaba eluhlaza,
Umful' ogobozayo,
Ukuhlwa nakh 'ukusa
Okubhejis' izulu:
4 Umoya wobusika,
Nemfudumal' ehlobo,
Nokudla ensimini;
Nguwen' owakwenzayo.
5 Imithi ehlathini
Nethafa lokudlala,
Umhlanga emanzini
Siwukha nsukuzonke;
6 Namehlo nemilomo
Ukuba sibabaze.
Sibonge uSomandla
Owenze konke-kuhle
