1 Wafika ese zwile ngoJesu,
Ukuti uMsindisi;
Wa wunamath' umphetho wengubo,
Wa sinda khona nje.
Refrain: – Namat' umphetho wengubo,
Usinde nawe la;
Ngamandla akhe asindisayo
Uza kuphila nya.
2 Wezak' esaba ethuthumela,
E kwaz' okwenziweyo;
Wa wezw' amandla amphilisayo,
Wa vuma konke la. – Refrain.
3 INkoSiyati, \ Yim' isibindi,
Ngenkolo usindile.\
Wa hamba kahle ethokhozile,
E theme eNkosin'. – Refrain.
