1 UJes'uthini namhla na?
Uyazibiz'izoni la,
Zibomvu kodw'izono zam',
Zizohlangulwa zonke nya.
Ngiyakuhlanzwa ngani na?
Ngegazi likaKristu,ha.
2 Zisenamandl'izono la,
UJesu wazahlula nya.
Ngingakhululw'ubani na?
UJesu;kahluleki,qha!
Ukuphum'la ngotholaphi?
Umoya uvunguza,wo
Inqaba iqinile bo.
