1 Qina kuyez' ukulwa,
Qina imin' i khona,
Qina umbet' umanzi,
Imbal' i phuma;
Qina imseb' i vela,
Qina ngemini yonke,
Qina kuyez' ukulwa,
Ko yekwa konke.
2 Qina kuyez' ukulwa,
Qina kushon' ilanga,
Sebenz' imini yonke,
Unge phumule.
Yenza kugcwale konke,
kungasaphuti lutho;
Qina kuyez' ukulwa,
kungenz'we lutho.
3 Qinna kuyez' ukulwa,
Bheka se li ya shona,
Bhek' ukubeja kuhle,
Se li ya shona.
Qina sekuzophela,
kufe kunyamalale,
Qina kuyez' ukulwa,
Kophela konke.
