1 O JEHOVA, uyangazi,
Uyabon' ukwenza kwami –
Ukuhlala, nokuvuka,
Nokuhamba konke kwami.
2 Uya hlala ezulwini,
Lona liyikhaya lakho;
Kepha, okusemhlabeni
Kusobala phambi kwakho.
3 Uyawaz' amazwi ami,
Nokuzindla kwami konke;
Nguwe ongizungezayo
Endleleni yami yonke.
4 Ubumnyama nokukhanya
Kuyafana, Baba, kuwe;
Anginakho ukubhaca
Laphanginga bonwa nguwe.
5 Lokukwazi, nokuhlola,
Kuyangesabisa, Baba,
Ngoba inhliziyo yami
Iyavama ukweduka.


