1 NKOSI,Bheka lendlu yakho,
Eyakhelwa wena,
Uyivume,uyamkele,
Ib' eyakho 'mpela.
Wena onguNkulunkulu,
Wena OnguBaba,
Vuma lomnikelo wethu,
Esibonga ngawo.
2 Jesu Kristu uMsindisi,
Wen' oyiNdodana,
Lamulel' abantu bakho
Abezayo lapha.
Nkosi,Moya oyiNgcwele,
OnguNkulunkulu,
Khanyisel' abantu bakho
Bekukhonza lapha.
3 Nkulunkulu, Simakade.
Oyi' ngqobo 'ntathu
Babusis' abantu bakho
Bebuthene lapha.
Siyabonga wena, Nkosi,
Yise neNdodana,
Nawe Moya oyiNgcwele,
Nkulunkulu munye.
