1 NIYAKUKHOLWA nini na,
Nin' enidukayo?
Niyakuvuma nini na.
Nin' eniqabayo?
2 Niyakubuya nini na,
Nin' enibizwayo?
Niyakuyeka nini na,
Nin' eniphikayo?
3 Niyakudela nini na
Nina enonayo?
Niyakulahla nini na,
Lokh' okunqatshwayo?
4 Niyakwethuswa nini na,
Nina enifayo?
Niyakukhala nini na,
Nin' enishonayo?
5 Izinyembezi ziphi na,
Nin'enilahlwayo?
UJesu Kristu Uphi na.
Yen' ongasizayo?
