1 Nina eni khatheleyo,
Eneduka eNkosini,
Wozanini kuMsindisi
Owa fela tin' aboni;
Nxa ni funa ukutola
Ukucweba kwenhliziyo,
Nga ni geza ecibini
Eli gcwel' igazi lakhe
2 Endaweni yokweduka,
Lapho Niya engozini,
Wozanini khona manje,
Ni fumane ukulunga
Okukhona eNkosini,
Okukuyo ukuphela;
nize ni zo zuz' ubomi
Kuyo, ngoba yanifela
3 Ma ni kholwe kuleli zwi
Eli iqiniso njalo;
Se ni piwe INdodana
Nguy' uVis' onithandayo,
Pumulani ni thokoze,
Nina eni khatheleyo,
Ngoba i ngumthunz' omuhle
ENiyakuphumla kuwo.
4 Manje thokozani nina,
Ni fumane emhlabeni
Ukuphila okufana
Nakho okusezulwini;
Lapho, akungen' ukwona,
Nobusuku abaziwa,
Asidingwa nesibani,
Yen' uJesu ulilanga
