1ngiyaz' ukhon' uMhlengi wami,
Owa ke Wabasemhlabeni;
Use ngandulele ekhaya,
Lapho ngombona ezulwin'.
2 Ngisamangala namhlanje,
Ngiyakumbonga ngani na?
Wa shiy' ikhaya lobukosi,
Ukuz' afele khona la. Ref
3 Ngiyam khumbula mina kabi,
Ngikhona la emabuyeni,
Ngisaqedela umsebenzi,
O bekwa ezandleni zam'. Ref.
4nginesizungu ngisahamba,
Ngiyakubizwa nini na ?
Lo mhlaba usu wonakele,
A use mnandi kimi, qa. Ref.
