1 Mbhal'ungathand'ukwethulelwa na?
Likhona igazi,lon'eleMvana.
Nobubi bonke ubunqobe na?
Lethembe igazi leMvana.
Linamandla linamandla du,
Lon'igazi leMvana.
Linamandla,linamNDL du,
Eligugu eleMvana.
2 Noloka lwakho lungachithwa nya,
Likhona igazi,lon'eleMvana,
Yebo-ke nakho ukuziqhenya
Ngelihle igazi leMvana.
3 Woza kalokhu,ube-mhlophe qhwa,
Likhona igazi,lon'eleMvana.
konk'ukungcola kuzophela nya
Kususwa igazi leMvana.
4 UMfeli wakho ungamkhonza na?
Likhona igazi,lon'eleMvana.
Zonk'izinsuku ungambona na?
Wohala eduze negazi.
