1 Ngiyalazi izwe le,
Ngililangsazela he!
Yebo,linekhaya lam'
Khona kuMsindisi wam'
Khaya lam\!Lisezulwini lona
Khaya lam'!Ngobona uMhlengi
wam'.
2 Ngizibuza khona la,
Ngiyofika mbala na?
Ngiyofika mbala na?
Ngilibon'ikhaya lam'
Ngiwuhol'umqhele wam\?
3 Ngogqokiswa khona na,
Ngezingubo 'mhlophe qhwa?
Ngizohlabelela nam',
Ngidumis'iNkosi yam?
4 Yebo,ngawo um'sa nje,
Ngithenjiswe khona-ke;
Zihlanziw'izono zam'
Ngay'uJes',uMfeli wam'.
5 Lapho ngikhululwe nya
Kuzo zonk'insizi,ha!
Ngoyibon'im'hlobo yam'
Khona le,ekhaya lam'.
6 Akumangalelwa,qha,
uMa ngidiniwe la;
Ngilifun'ikhaya lam',
Ngiphumelo kulo nam'.
