1 BAMBA isandla,Baba,nxa
ngingedwa,
Inzima,ifiphel'indlela yam',
Bamba isandla;khona
ngingesabe,
Noma kumnyama lapha Nkosi
yam'.
2 Bamba isandla,ngingumntwan'
omncane,
Ngingazi ukukheth'indlela yam';
Bambaisandla uma ngikhathele,
Funa ngiwele phansi,Nkosi yam'.
3 Bamba isandla,Baba,ngithokoza
Ngisizwe so'isandla sakho,
Nkos';
Bamba isandla,ngiyathol'
amandla
Uma ngikwazi useduze,Nkos'.
4 Bamba isandla lapho ngisondela,
Ngishone emfuleni,Msizi wam';
Bamba isandla,ngifika ekhaya,
Ngibon'ubuso bakho,Jesu wam'.

(14 rating, 3 votes)