1 Nxa uJesu eqedile konke
Athunyelwe ukukwenza khona,
Wathi:\Sengiphiw'amadla onke,
Lawamandla nginabela wona.
Sengiyaphindela kuy'uBaba',
Ngizomthum' uMoya oyiNgcwele
Wonisiza lapha kulomhlaba,
Hambanini ningifazela.\
2 Wabavalelisa ngokunjalo,
Eyaleza ngabafundi bakhe.
Wasinika nathi lowomyalo
'Kuhambisa yon'indaba yakhe.
Khon'uJesu waya ezulwini,
Ekhushulwa basambhekisisa,
Wasenyamalala emafwini,
Zeluliw'izandl',ebabusisa
3 Abafundi belibela bona,
Basegqolozela ngaphezulu,
Naz'izingelosi zimi khona;
Zalubik'udaba olukhu,
Zathi:\Njengalokhu nimbonile
Enyukela manje ezulwini,
Uzobuy'aland'abambhekile,\
Bazobusa naye ebonini.
4 Nathi masifane nabo laba
Abakholwa lesosithenbiso.
Masimkhonz'uJesu ngokwe thaba,
Sibazis'abanye usindiso.
Simamkel'uMoya oyiNgcwele,
Sibenaw'amandl'okufakaza,
Sibenaw'amandl'okfakaza,
Ngakho masisuke simhambele,
Singahlali nje ngokungabaza.
