1. Yizanini, siyibong'inkosi
Masihlabelele phambi kwayo,
Ngoba yona inguMlondolozi,
Isiphethe ngawo um'sa wayo.
Uma kungayanga ngom'sa wodwa,
Ngabesilahliwe ekufeni.
Kepha manje ubukhosi bodwa,
Noma sizomuka emhlabeni.
2. Luph' ulimi olungadumisa
Loluthando esithandwa ngalo?
Uph' umlomo ongaluphimisa
Loludumo, lungapheli njalo?
Shono njengo David', wathi yena:
Ukubonga akuyikuphela
Emlonyeni wami, ngobatshena
Nabonay' eyonayon' indlela.?
3. Lowo munt' ubusisiw'impela
Olibele eyibong' Inkosi,
Ebabaz' iMvan' eyasifela,
Umhlatshelo olihlabahlosi.
Lonk' ibandla elisezulwini,
Limdumis' uJesu, uSomuhle,
Nathi masivum' esixukwini,
Simkhulis' osipha konk' okuhle.
