1 Niyakukholwa nini na,
Nin' enidukayo ?
Niyakuvuma nini na,
Nin' eninqabayo ?
2 Niyakubuya nini na,
Nin' enibizwayo?
Niyakuyeka nini na,
Nin' eniphikayo?
3 Niyakudela nini na,
Nina enonayo?
Niyakulahla nini na,
Lok' okunqatshwayo ?
4 Niyakwethuswa nini na,
Nina enifayo ?
Niyakukhala nini na,
Nin' enishonayo ?
Izinyembezi zi pi na,
Nin' enilahlwayo?
UJesu Kristu upi na,
Yen'ngasizayo?
