1 Wozakhe, ma siye ezweni lohomi,
Ikhaya labahl' aba hlezi kulo!
Uthini, sihambi, ngendlela yokwona?
Uthini? wo vuma ukuya kulo?
Refrain : Wo yAna? wo yAna? wo yAna? wo yAna?
Vumake ukuya – ukuya phezulu!
2 ayi k' inhlupeko kubantu bakhona,
Ka bezwa ukufa nosizi bona,
Ba hlala neNkosi, i bapa ubomi;
Uthini? wo vuma ukuya khona? – Refrain.
3 Yekak' ukuthanda izinto zomhlaba,
Zo muka zo phela masinya zona;
Bhekake phezulu – imfuyo ya khona;
Uthini? wo vuma ukuya khona? – Refrain.
4 Oshaywa uvalo ngokwakhe ukwona,
O khala efuna ukukhululwa,
Makeze kuJesu, Ondlela yobomi;
Uthini? bheka, isango li vulwa! – Refrain.
5 Tabani, makristu, ngekhaya lobomi,
Soshetsh' ukufika ekupum'leni;
Sohlala noKristu, – yizwani ni qonde!
Nithini? ni njani ezinhliz'yweni?
Refrain:- So yAna? so yAna? so yAna? so yAna?
O Mfeli waboni,sisize manje!
