LOWOUNT'uyabusiswa,
Ongahambi nabonayo,
Ongahlal'esihlalweni
Sabo abanengekayo.
2 Uyathande imithetho
KaJehova,onguMenzi;
Ungumuthi othelayo
Izinhlamvu eziningi.
3 Abonayo bayafana
Namakhoba emoyeni;
Kepha abasoze bema
NamaKristu ekwabeni.
4 UJehova uyathanda
Izindlela zokulunga;
Amashinga ayahamba
Endleleni ebhubhayo.


