KUKADE inhliziyo yam'
Ibanjwe ezonweni;
Kukade umphefumulo wam'
Uhlezi emnyameni.
2 Kantike,namhla,Nkosi yam',
Usuyangisindisa;
Kwafika izwi lakho;
Kwafika ukukhanya kim',
Kwasekungihanyisa.
3 Ngisekulahlekeni kwam'
Ngalizwa izwi lakho;
Kwafika abafuni bam',
Bazisa umsa wakho.
4 Ngizwile ngoMkhuli wam',
Oweza emhlabeni
Ukuhlawul'icala lam',
Ngisinde ezonweni.
5 Lukhulu ubusiso lwam'
Engiluzaza kuwe;
Kukhulu ukwethaba kwam',
Engikuphiwe uwe.
6 Namhlanje izifiso zam'
Zibheka ezulwini;
Ian hlanje emphefumlo wam'
Uyaya ebomini.


(10 rating, 3 votes)