1 NGIBHEKE,Baba,ngobubele
bakho,
Ngithethelele zonk'izono zam';
Nangal' igazi leNdodana yakho
Ulilalele,Baba,izwi lam',
2 Nginakho,Nkosi,ukungcola
kodwa,
Ngingeyihlanze inhliziyo yam';
Sengehembile umsa wakho
wodwa,
Ngokuba lilikhul'icala lam'.
3 Izono zonke engibengizenza
Sezimbi zonke ebusweni bam';
Ngikujambele konk'okwam'
Ukwenza,
Linzima ngakho lonk'icala lam'.
4 Ngizwile namhla inntethelo ikho,
Kungal' igazi loMsindisi wam';
Ngimzwile name,nokuvuma kukho
Ngivuma ukubizw'iNkosi yam'.
