1 MANGIVUS' ingoma yam'
Kuye oyiNgcwele
Kuy' uJes' iNkosi yam',
Ongihlawulele!
2 Nguye osizini lwam'
Owangihlengayo,
Nasekuboshweni kwam'
Owangifelayo.
3 Ekuhluphekeni kwam'
Ngiyabheka kuwe,
Nxa ephel' amandla am'
Ngiyagcinwa nguye.
4 Manje enhliz'weni yam'
Akungen' uvalo,
Ngoba, phel', Nkosi yam',
Isekhona njalo.
5 Nkosi, nank' umoya wam',
Uyakunxanela
Ungihole, Nkosi yam',
Ngiyakulandela.
6 Khanyisis' indlela yam',
Mawungiqinise!
Naphakhade, Nkosi yam',
Maungisindise.
