Iculo Le 23
1. Masisho ingoma ngoJesu iNkosi,
Owasisindisa sikuyo ingozi;
Ngokusihlawulela wavula indlela,
Singeze sibhubhe uma simlandela.
Chorus
Haleluya kuJesu owasikhulula!
Sombonga kakhulu
Phesheya komfula.
2. Noma inhliziyo iqcwele ukona,
Yohlanzwa nguJesu nxa engena khona.
Yen’ uyozinqob’ azibhuqe izitha,
Nokuba zinjani uyakuzichitha.
Chorus
3. Ngakho zinikele kuJesu’ uMsindisi,
Ucashe kuyena onguMnqobisisi,
khona-ke unalo ithemb’ elinhliziyweni,
Elingajabhisi nom’ usekufeni.
Chorus
