1 Igama likaJesu,he
Limnandi endlebeni;
Liyaphelis'usizi-ke,
Limuthi enhliz'weni.
2 Liyapholis'inxeba,nya,
Liluthulis'uvalo;
Limana lomphefum'lo la,
Lisiqinisa njalo
3 Lidwala eliqina,ngo,
Inqaba nesihlangu,
Ithemba elimiyo,ngo,
UMhlengi wami,nangu.
4UJes'unguMsindisi wam',
UMyeni noMhlawuleli;
Indlela nokuphila kwam',
Umhlobo ongumMeli.
5 Kufuphi ukubonga kwam'
Wen'oSomuhlekazi,
Zincane izibongo zam',
Wangithenga ngegazi.
6 Ngithanda ukuqala la'
'Kubong'igama lakho;
Kepha ngale, Haleluya!
Lukhul'udumo lwakho.
