Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (1 rating, 1 votes)
Loading...

Ubani Lo OSemkhombeni

1 UBANI lo Osemkhombeni
Abalusi bayamkhonza?

Refrain:
UyiNkosi yal' izulu,
UyiNkosi yaw' umhlaba;
Masiguq' ezinyaweni
sithi, Nkosi yamakhosi!

2 Ubani lo Ososizini
Ozilayo esehlane? – Refrain

3 Ubani lo okhala khona
kuLazaro elibeni? – Refrain

4 Ubani lo okhulekayo
Ensimin' eGetsemane? – Refrain

5 Ubani lo obethelweyo
Enxusel' ababulali? – Refrain

6 Ubani lo oselibeni,
Osengat' usahluliwe? – Refrain

7 Ubani lo osephumile,
Ongebanjwe, enqobile? – Refrain

8 Ubani lo Owenyukele?
Bheka ifu, limamkele! – Refrain

9 Ubani lo osezulwini
O nxusel' abantu bakhe? – Refrain

10 Ubani lo Oya kubuya
Nobukhosi naw' amandla? – Refrain

Ubani Lo OSemkhombeni