Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (13 rating, 3 votes)
Loading...

SiNomhlobo OnguJesu

1 SINOMHLOBO, OnguJesu,
Unothando;
Akanjengeminy' im' hlobo,
Unothando;
Akanayo injabiso,
Akanayo inkohliso,
Uyasiza ngeqiniso;
Unothando.

2 Ungumhlobo weth' uJesu,
Unothando;
Akadel' abantu bakhe,
Unothando;
Ubahola endleleni,
Ubagcina engozini,
Ubakhipha osizini;
Unothando.

3 Sezomuka emhlabeni
Wabathanda;
Seyekhona ezulwini
Ubathanda;
Ubalungisela khona,
Uya bahlalela bona,
Wobamkela bonke khona,
Ngal' uthando.

4 Nina niyamdinga yini?
Unothando;
Kade nihlupheka ini?
Unothando;
Kungezono zenu yini?
Enilahlwa ngazo ini ?
Wonikhipha kuzo yena;
Unothando.

5 Loluthando, hawu, lukhulu,
Siyabona;
Masimthande 'he kakulu,
Osithanda:
Ngalo masihambe sonke;
Ngalo sokwahlula konke;
Luyadlul' olunye lonke
Loluthando

SiNomhlobo OnguJesu