Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Mina, Jesu, Ngiyindlela

1 MINA, Jesu,ngiyindlela,
Neqiniso, nokuphila;
Wozanini, nisondele,
Namkeliswe usindiso.

2 Jesu, wena uyindlela,
Soya ngawe ezulwini;
Weza wasihlawulela,
Wasikhipha ebubini.

3 Jesu, wen' uliqiniso,
Ngawo onk' amazwi akho;
konke okyinkohliso
Kubi ebusweni bakho.

4 Jesu, wen' ungukuphila,
Singathemba sonke kuwe;
Uphilisa im'phefumlo
Yabo abakholwa kuwe.

5 Jesu, wena, oyindlela,
Neqiniso, nokuphila!
Siyabonga nokubonga;
Siyethemba nokwethemba.

Mina, Jesu, Ngiyindlela