1 Sesizwile izindaba
Zombuso omkhulu,
Masidele okomhlaba,
Sam'kel' okwezulu.
2 Thina sonke simenyiwe
Ukuz' edilini,
Nengubo siyinikwe,
Ivel' eNkosini.
3 Masingabi namazaba,
Sizilandulele,
Sam'kele ngokwethaba,
Umem' olungcwele.
4 Ngoba uma sesingaba,
Ukuz' emthimbeni,
Idlule kithi lendaba,
Imem' ezizweni.
5 Iyogcwala indlu yakhe,
Kuvalwe emnyango.
Owudele um'sa wakhe,
Uphandle kwesango.
6 Lapho bazokhala, bethi:
\Nkosi, sivulele!\
Kepha yophendula ithi:
\Dedani, niye le!\
