Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (9 rating, 2 votes)
Loading...

Nxa Ngimbona UMsindisi

1 NXA ngimbona uMsindisi
Efa esiphambanweni,
Ngiyilahla yonk' imfuyo,
Nakho ukuzidla kwami.

2 Ngingephikelele lutho
Oluphambeneyo naye;
Konke engikuthandayo
Ngikudela ngenxa yakhe.

3 O,bhekan' inhloko yakhe,
Lezozandla nezinyawo!
Yek' uthando, yek 'usizi,
Olukhulu olungaka!

4 Ngingayisa ntoni kuye
Efanele ukumbonga?
Anginakho okwanele,
Ngiyamnik' uqobo lwami.

Nxa Ngimbona UMsindisi