1NGIBHEKA esiphambanweni,
Ngibon' iNkosi yobukhosi;
kuyize yonk' imfuyo yami,
Nginengwa nokuzidla kwami.
2 Ukufa koMkhululi wami,
Yikhona ukubonga kwami;
Ngenxa yeNkos' zikude kimi
Lezonto ezathandwa imi.
3 Sengizibon' ezinyaweni
Izipikil', nasezandleni;
Ngimangaliswa enhliz'yweni,
Ngibon' uthando olunjena,
4 Uma nginawo wonk' umhlaba,
Ungaba umnikel' omncane;
Ngothando lwakhe olungaka,
Ngimnik' uJes' uqobo lwami.
