1 Wena-ke owomilleyo,
Woza emthonjeni-ke,
Onamanzi okuphila,
Woza manje,phuza nje!
Ophuzayo lawamanzi,
'Komi,qha,'Komi,qha!
Ophuzayo lawamanzi,
'Komi naphakade,qha!
2 Lawamanzi okuphila,
Awaphiw'uJesu nje
Kubo abakholwa nguye,
Nabafuna wona-ke.
3 Lawamanz'ubaphuzisa
Abaphelamandla nya;
Babenaw'amandl'amasha
Okuhamba kahle la.
4 Imifula yokuphila
Yophuphuma kuye lo,
Ophuzayo emthonjeni
Lo omangalisayo.
