1 Baba oNgcwele, yizwa umtanakho,
Laph' eziletha ebusweni bakho
Ngokulwethemba lon' uthando lwakho.
Yiba nomusa!
2 Noma ngonile, ngingasafanele
U'ba ngiphathwe wena oyiNgcwele,
Kodwa ngothando lon' oluphelele,
Yiba nomusa!
3 Ngoba ngothando lwakho wangifela
Lapho nginguy' olahlekil' impela.
Ngaloluthando ngize ukucela:
Yiba nomusa!
4 Sengiyathand' u'ba ngikulandele,
Nesiphambano ngoba ngisithwele,
Yenza umoya wami ube-ngcwele,
Ngawo umusa.
5 Nasezulwini, lapho siyoyiswa,
Nxa amagama ethu ezobizwa
Khona ngokusho: 'Mpela ngangeniswa
Ngawo umusa.
