1. Uthando lukaBaba
Lunje ngolwandle bo
Lubanzi lujulile
luyaziwa yini pho?
2. Lwafikelela kimi
Ngisezonweni zam
Alwaze lwangedlula
Lwangisindisa nam
3. O Baba ngiyabonga
Nangentliziyo yami
Sengiyavuma ngithi
UnguMsindisi wami
4. Ngizokwethemba njalo
Ngise semhlabeni
Ngizokukhonza futhi
Ngothando enhlizweni


