1 MAWUNGANGIDLULI,Jesu,
Yizw'amazwi am';
Lapho ubanye,
Mawungizwe nam'.
Refrain
Jesu,Jesu,yizw'amazwi am
Lapho ubabiz'abanye,
Mawungizwe nam'.
2 Isihlalo esomusa,
Ngikusona nam';
Ngikuqile,ngingumoni,
Ungisize nam'.Refrain
3 Ngokulunga kwakho kodwa,
Ngiyacela nam';
Ungelaphe ngaphukile,
Ngisindise nam'.Refrain
4 Ungumthomba wakho konke,
Nokuphila kwam';
Ezulwini nasezweni,
Yikho konk'okwam'.Refrain


(17 rating, 5 votes)