Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Zesho Izingubu

1 ZASHO izingubu,
futhi nengelosi,
Vula iminyango,
Kuvulelw' iNkosi
Kristu Onothando,
Jesu onomusa,
Wakhuphuka wena,
Ngena, uzobusa.

Refrain:
Umsebenzi wakhe,
Bheka, uphelile;
Manje wenyukile,
Bheka, usizile.

2 Wez' ukusisiza,
Wopha, wasifela,
Manje umisiwe,
UyiNkos' impela.
Phinde ahlupheke,
Phinde asifele,
Yena, onodumo,
Usekhuphukile. – Refrain.

3 Uyasikhalela,
Endawen' engcwele,
Uyosiph' okuhle,
'Moya oyingcwele,
Uyakhomba nendlu
Yokuhlala khona,
Sizohlala njalo
Nay' uJesu kuyo. – Refrain

Zesho Izingubu