Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

Thina Masisuke Sonke Umfeli Wethu

1 THINA masisuke sonke,
Ekoneni kwethu
Siye ngenhliziyo yonke,
ENkosini yethu.

Refrain
Wakufel' UJesu,
Wangifela mina,
Wabafel' abantu bonke,
Beze basindiswe.

2 Imikhuba yalomhlaba
Ayisizi lutho;
Sinovalo, siyesaba,
Singethembe lutho. Refrain

3 Masibheke ngaphezulu,
ENkosini yethu;
Elenzile lon' izulu,
Kanye nezwe lethu. Refrain

4 Siyakubusiswa thina
Ekuzeni kwethu;
Sibe-nakho ukubonga
Ngenhliziyo yethu. Refrain

Thina Masisuke Sonke Umfeli Wethu