1. Thatha ukuphila kwami,
Kungikwakho, Nkosi yami;
Thatha isikhathi sami,
Ngingayenz' intando yami.
2. Thatha naz' izandla zami.
Zingasebenzel' okwami;
Thatha izinyawo zami.
Zingahamb' indlela yami.
3. Thatha nank' umlomo wami
Udumis' iNkosi yami;
Thatha izindebe zami,
Zingakhulumel' okwami.
4. Thatha nans' imali yami,
Busa isikhwama sami,
Thatha ukuqonda kwami,
Kungokwakho, mdali wami.
5. Thatha nans' intando yami,
Uqondis' ukwenza kwami;
Thatha inhliziyo yami,
Busa kuyo, Mbusi wami.
6. Thatha nant' uthando lwami,
Lungcwelise, Myeni wami.
Ungithath' uqobo lwami;
Ngingowakho, ungowami.