Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (1 rating, 1 votes)
Loading...

Thatha ukuphila kwami

1. Thatha ukuphila kwami,
Kungikwakho, Nkosi yami;
Thatha isikhathi sami,
Ngingayenz' intando yami.

2. Thatha naz' izandla zami.
Zingasebenzel' okwami;
Thatha izinyawo zami.
Zingahamb' indlela yami.

3. Thatha nank' umlomo wami
Udumis' iNkosi yami;
Thatha izindebe zami,
Zingakhulumel' okwami.

4. Thatha nans' imali yami,
Busa isikhwama sami,
Thatha ukuqonda kwami,
Kungokwakho, mdali wami.

5. Thatha nans' intando yami,
Uqondis' ukwenza kwami;
Thatha inhliziyo yami,
Busa kuyo, Mbusi wami.

6. Thatha nant' uthando lwami,
Lungcwelise, Myeni wami.
Ungithath' uqobo lwami;
Ngingowakho, ungowami.

Thatha ukuphila kwami