Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (No Ratings Yet)
Loading...

Sidumisa Ngenjabulo

1. SIDUMISA ngenjabulo,
Nkosi enothando,
Njengokuba izimbali
Zithokoz' ilanga.
Xosh' amafu onk' amnyama.
Sus' ukungabaza'
Injabulo yaphakade
Mayisikhanyise.

2 Unomusa nobunene,
Uyasibusisa,
Ungumthombo wokuphila,
Masiphuze kuwo.
UnguBaba,sinoJesu,
Sinothando lwakhe.
Sifundis' ukuthandana,
Saz' uthabo lwakho.

3 Hubanini, bantu nonke
Kanye ne' nkanyezi,
Siyabusw' uthando lwakhe,
Zonk'izizwe kanye;
Siyahuba,siqhubeka,
Kuzophel'ukulwa,
Lisivuselel' ihubo,
Lisinqobisisa.

Sidumisa Ngenjabulo