Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

Qin, Mngan' Ungakhubeki

1 QINA, mngan',ungakhubeki
Nom'indlel' imnyama;
Nang' uMholi womthobeki,
Themba kuy' uJesu.
Nom'indlela iba-inde,'
Isehlane,imbi,
Hamba,noma ukhathele;
Themba-nje,themba-nje,
Yenza ukulunga.

2 Xwaya wen' izinkanuko,
Nemikhub'emibi;
Noma usuhlekw'abantu.
Themba kuy'uJesu;
Nom'uzondwa,nom'uthandwa,
Utotshozw',udelwa,
Yek' abantu nans'iNkosi!
Themba-nje,themba-nje,
Yenza ukulunga.

3 Izw' elihl' ukuthi, 'Themba,
Yenza ukulunga,\
Lithulis' izinhliziyo,
Livuthis' amandla.
Qina, mngan',ungakhubeki
Nom'indlel' imnyama;
Nang' uMholi womthobeki!
Themba-nje,themba-nje,
Yenza ukulunga.

Qin, Mngan' Ungakhubeki