Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (9 rating, 2 votes)
Loading...

Laph' Izivunguvungu

1 LAPH'izivunguvungu
Zifus'impilo yami,
Nobubi budlangile,
Umlingi esenqoba.

Ungikhumbule,Nkosi yam;
Ungikhumbule,Nkosi yam;

2 Lapho ngiwel' ulwandle,
Lukhuz' ulaka lwalo,
Laph' izingozi zalo
Zisong' ukungigwinya.

3 Lapho izono zami
Zinzim' emphefumlweni,
Zisuse, wena Baba;
Ngothula ngomsa wakho.

4 Lapho imihla yami
incipha emhlabeni,
Mangikubone, Nkosi,
Ngikhuphekele kuwe.

Laph' Izivunguvungu