Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (4 rating, 1 votes)
Loading...

Kuyez' Ukuhlwa

1 KUYEZ' ukuhlwa, hlala nami,
Uhlale nami, sekuyahlwa;
Lapho abanye behluleka,
Wen' osizayo, hlala nami.

2 Kushesha ukudlul' okwethu;
Ubuhle obomhlaba buphi?
Kuyaguquguquka konke;
E, Simakade, hlala nami.

3 Ngithand' ukuba-nawe njalo,
Ungekho, ngowa izilingo
Ubani ongasiza njalo?
Inkathi yonke hlala nami.

4 Ungangishiyi nakancane,
Ohlalakade, hlala nami.
Bekezelel' ububi bami,
Yizake, uzakhele nami.

Kuyez' Ukuhlwa