Menu Close
1 Star2 Stars3 Stars4 Stars5 Stars (5 rating, 1 votes)
Loading...

Jesu Kristu, Themba Lethu

1 JESU Kristu, themba lethu,
Sihlangene lapha sonke;
Sizokuzwa izwi lakho;
Jesu, yiba-nathi namhla.

2 Jesu Kristu, Simakade,
Mawusiph' izinhliziyo
Ezifudumele, zonke,
Ukwamkela izwi lakho.

3 Mawumnik' umkhonzi wakho,
Ekukhulumeni kwakhe,
UMluleki wokumsiza,
OnguMoya oyiNgcwele.

4 Masifundisise kahle
Ngenhliziyo ecwebile,
Ngobukhulu bomsa wakho
Esisindisiwe ngawo.

5 Vus' izinhliziyo zethu,
Zingalali ekoneni;
Silamkele izwi lakho
Osishumayeza ngalo.

Jesu Kristu, Themba Lethu