1 Igazi likajesu ha,
Lisithethele sonke,
Lihlazisiza kuthi qhwa,
Kuphel'izono zonke.
2 Kulowomthomb'omuhlehle
Bayahlangana bona,
Ababoni'izifo-ke,
Bayaphiliswa khono.
3 Lenhlanhla ayinkulu na?
Kutholwa ukuphila,
Akanqatshelw'umuntu, qha,
Ubani osazila?
4 Lomthombo unguJesu-ke,
Uyasimema yena:
\Wozani emanzini nje,\
Ningabi nakwenqena.
5 Owaphuzay'amanzi la
Akayikufa futhi;
Kusaswa konk'ukufa nya;
Impela angumuthi.
6 Namhlanje wophangisa ha,
Ithuba liyadlula;
Ngob'iHayides'alikho, qha,
Nathonsi lalomfula.