1 Abantwana abeNkosi
Kabanazo izingozi;
Bahlez'okwenyon'endlini,
Nenkanyezi ezulwini.
2 OyiNkosi yaphezulu
Ubathanda,he kakhulu;
Ubafaka ekhwapheni,
Bangengene ekufeni.
2 OyiNkosi yaphezulu
Ubathanda,he kakhulu;
Ubafaka ekhwapheni,
Bangengene ekufeni.
3 'Kakh'umuntu onamandla
Okuchith' elakh'ibandla;
Yen'ungumfo weth'impela,
Usiphath' usivikela.
4 UnguBab' onobubele,
Uyabala nezinwele,
Usifunz' usigqokisa,
Yebo,usijabulisa.
5 Jabula-ke ngakho,bandla,
Uvikelwa onamandla.
Zonk'ezakho-ke izitha
Uzisusa ezichitha.
6 Noma ungashayw'uvalo
Yena unguYihlo njalo,
Into inye ayifisa
Yona:ukukusindisa.