1 Ngagana ekufeni
'Kuhlenga wena,vo
Usesebumnyameni,
Ubosh'izono,wo
Ngathwal'icala lakho la;
Ungenzeleni na?
2 Ngashiy'ikhaya lona
Nobuhle ezulwin'.
'Kufel'okwakw'ukona
Ngehlela osizin'.
Ngashiya konk'okuhle, wo;
Ushiya ntoni,pho?
3 Ngathukwa,ngangeyiswa,
Ngeziwa mubi nje.
EGilgotha ngayiswa
Ngecala lakho-ke.
Kweziwa ngenxa yakho la,
'Suthini ngakho na?