Wazithwal' izono, Jesu
Zinge zono zakho;
Wahlawul' icala, Jesu,
Lingecala lakho.
Wawumuntu onosizi,
Ungonanga wena;
Laphalal' igazi lakho,
Jesu ungoNgcwele.
Amaphutha ethu onke
Abalelwa kuwe,
Namacala ethu onke
Abalelwa kuwe.
Siyaxolelwa siphile
Ngobuhlungu bakho,
Siyahlanzwa ezonweni
Ngal' igazi lakho.